Sunday, April 7, 2019

UBABA NAMAKHOLWA

UBUDLELWANO PHAKATHI KUKA NKULUNKULU UBABA, NAMAKHOLWA.

1. Ubaba unguyise wamakholwa (1John 3:1)
2. Ubaba owakhetha amkholwa umhlaba ungaSekelwa (Eph 1:4)
3. Ubaba owanika indodana isipho esingamakholwa (John 6:37, John 10:29)
4. Ubaba uyena obiza amakholwa, uma ivangeli lishumayelwa (ROM 8:30)
5. Ubaba uyena oguqula amakholwa awenze, afane noKristu (ROM 8:29)
6. Ubaba hyena owathenga amakholwa Ngegazi Lendodana  (Eph 1:7)
7. Ubaba uyena olungisisa amakholwa, uma ebeka ithemba kuJesu (ROM 8:33)
8. Ubaba uhlala kuwo amakholwa (John 14:23)
9. Ubaba uyena ogcwalisa amakholwa ngoMoya oNgcwele (Eph 4:30)
10. Ubaba uyena ongina amakholwa, ukuze Angawi ekukholweni (John 10:29, 17:11)
11. Ubaba uyena Obusisa amakholwa (Eph 1:3)
12. Ubaba uyawathanda amakholwa (2Thess 2:16)
13. Ubaba uyena oduduza amakholwa, ebunzeni (2Cor 1:3)
14. Ubaba uyena Ohlambulula amakholwa (Jude 1:3)
15. Ubaba uyena onika amakholwa ukuthula (Phil 1:2)
16. Ubaba uyakhazimula uma amakholwa, ethela izithelo (John 15:8)
17. Ubaba uyena ombulela amakholwa Iqiniso (Math 11:25, 16:17)
18. Ubaba uyena onikeza ngezidingo zamakholwa (Math 6:32-33)
19. Ubaba uyathanda ukudunyiswa amakholwa (John 4:23)
20. Ubaba uyalishaya ikholwa alithandayo, uma lona (Heb 12:5-10)
21. Ubaba uyalixolela ikholwa elipgendukayo (Psalm 23:3)
22. Ubaba usazowaqoqa wonke amakholwa, asezulwini naseMhlabeni. Awahlanganise Ndawonye (Eph 1:10)
23. Ubaba usazowanika imivuzo yawo, wonke amakholwa (Math 6:1)

No comments:

Post a Comment

UBABA NAMAKHOLWA

UBUDLELWANO PHAKATHI KUKA NKULUNKULU UBABA, NAMAKHOLWA. 1. Ubaba unguyise wamakholwa (1John 3:1) 2. Ubaba owakhetha amkholwa umhlaba unga...