Sunday, October 7, 2018

KUYINI UKUKHOLWA OKUSINDISAYO?

ISIPHO SOKUKHOLWA

(KwabaseEfesu 2:8)

SIYINI ISIPHO SOKUKHOLWA?

Yilapho, uNkulunkulu esuke enika Bonke labo ayebakhethile umhlaba ungakasekelwa amandla okukholwa ukuze kusinde imiphefumulo yabo ekubhujisweni (KumaHeberu 10:39). LoluKHOLO aluveli kubona, kodwa lingumsebenzi kaMoya oNgcwele osuke esebenza ezinhliziweni Zabo. uMoya ongcwele lesisipho usiletha kumuntu ngeZwi uma selishunyayelwe, lamukelwa ngokuthobeka.(KwabaseRoma 10:14). Kodwa Yize noma lokukuKholwa kuyiSipho esivela kuNkulunkulu, ukuze Luqine, kubalulekile ukuthi uMzalwane ngamunye, agxile Emkhulekweni nasekufundeni Izwi likaNkulunkulu, nasekulenzeni. (1Petro 2:2)

LUSIZA NGANI PHO LOLUHLOBO LOKUKHOLWA?

(1) LOLUHLOBO LOKUKHOLWA, lenza umzalwane akholwe yiwo wonke amazwi aseBhayibhelini eNgcwele ukuthi ayiqiniso elivela emlonyeni kaSomandla. ELINGENAMAPHUTH, LIPHELELE, futhi lona lodwa LANELE. (2Thimothewu 3:16)

(2) Lolukholo lwenza umzalwane ATHOBE uma izwi limyala 
(2) Lolukholo lwenza umzalwane ATHUTHUMELE uma izwi limkhuza 
(3) Lolukholo lwenza umzalwane ALINDELE uma izwi limthembisa 
(4) Lolukholo lwenza umzalwane APHENDUKE uma izwi limkhuza
(5) Lolukholo lwenza umzalwane  akwazi ukubeka ithemba lakhe Lonke ku Kristu YEDWA njengeNkosi noMsindisi

Kuyenzeka lolukholo LUZANYAZANYISWE, luze lubukeke sengathi luyaNTENGANTENGA, kodwa alusoze lwaKhathala, alusoze Lwafa, alusoze lwaphela Amandla, Ekugcineni LUYANQOBA ngoKristu onguMqalisi noMphelelisi walo.

Brian Madondo

2 comments:

  1. Quoting:ukukholwa kuyisipho... isipho esanele wonke umuntu. Sibekelwe wonke umuntu onhliziyo yakhe ivuma ukusamukela....
    Thank u for reminding us of this precious gift that we sometimes forget to value. Powerful blog of description of the gift of Faith. Thank u

    ReplyDelete

UBABA NAMAKHOLWA

UBUDLELWANO PHAKATHI KUKA NKULUNKULU UBABA, NAMAKHOLWA. 1. Ubaba unguyise wamakholwa (1John 3:1) 2. Ubaba owakhetha amkholwa umhlaba unga...